Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 6:24 - IsiZulu 2020

24 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 6:24
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha akawabulalanga amadodana ababulali, njengalokhu kulotshiwe encwadini yomthetho kaMose; ngokomyalo kaSimakade, othi: “Abazali abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yabazali, kodwa yilowo nalowo uyobulawelwa izono zakhe.”


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Iyokuphindisela okubi okwenziwe yizitha zami; zibhubhise ngeqiniso lakho.


Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga uyobhubha.


Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni; uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku, uyayiqeda impilo yami.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Ngalokho ngokuba umyalo wenkosi wawunesihluku, nesithando somlilo sishisa ngokwedlulele, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda ayequkula uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego.


“Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ