UDaniyeli 5:16 - IsiZulu 202016 Kepha ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukungazisa izincazelo, usombulule le nkiyankiya. Manje-ke uma ungawufunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okubukhwebezane, ufakwe nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE16 Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202416 Futhi ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukuchaza futhi uxazulule ukungabaza; manje uma ukwazi ukuwufunda umbhalo, ungazise incazelo yawo, wembathiswe okubomvu, ufake neketanga legolide entanyeni yakho, ube ngowesithathu embusweni. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”