Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 4:33 - IsiZulu 2020

33 Ngaso leso sikhathi lokho kwagcwaliseka phezu kukaNebukhadinezari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi, nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Ngalelo hora kwenzeka indaba ngoNebukadinesari, waxoshwa kubantu, wadla utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe waba manzi ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zokhozi, nezinzipho zakhe njengezinyoni ’izidladla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 4:33
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Luzobhidlizwa njengokuphahlazeka kwesitsha sombumbi, esiphihlizwa singahawukelwa, kuze kungabe kusatholakala phakathi kwezingcezu ngisho nelokuthatha umlilo eziko, nelokucakula amanzi kuwo umthombokwakhiwa.”


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.


Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.


ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ