Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UDaniyeli 2:35 - IsiZulu 2020

35 Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Khona-ke insimbi, nobumba, nethusi, nesiliva, negolide kwachotshozwa kanyekanye, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo; umoya wazisusa, akwaze kwatholakala indawo yazo, netshe elashaya isithombe laba yintaba enkulu, lagcwalisa umhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UDaniyeli 2:35
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngesikhathi sokufudumala, iyanyamalala, uma sekushisa iyasha, iphele endaweni yayo.


ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani.


Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Umhlaba wonke ukhuleke kuwe, ukudumise, bahubele igama lakho.” Sela


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.


Hlanganani zizwe, nishaqeke. Bekani indlebe nina mazwe akude: bophani izinkalo zenu, nokho niyodangala; yebo, bophani izinkalo zenu, kodwa niyakudangala.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.”


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


kodwa abazange babe namandla okunqoba, nendawo yabo yaphela ezulwini.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohleli kuso; obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akwatholelwa ndawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ