Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:15 - IsiZulu 2020

15 Imilenze yakhe iyizinsika zemabuli ezibekwe phezu kwezisekelo zegolide loqobo. Isiqu sakhe sifana neLebhanoni, sinjengemisedari ekhethekileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlophe ezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle; ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni, kukhethekile njengemisedari.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Imilenze yaso iyizinsika zetshe elimhlophe ezibekwe phezu kwezisekelo zegolide elicwengekileyo; ukubonakala kwakhe kunjengeLebanoni, kuhle njengemisedari.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:15
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi.


Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari kaNkulunkulu, ngamagatsha awo.


Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.


Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Uyokwenza izisekelo zesiliva ezingama-40 phansi kwamapulangwe angama-20, izisekelo ezimbili zibe phansi kwepulangwe lokuqala, ukuze zibambe izimpondo zalo; izisekelo ezimbili ngaphansi kwepulangwe elilandelayo, zibe yizikhonkwane ezimbili;


Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.


Izindebe zomlomo wakho ziconsa njengamakhekheba ezinyosi; makoti wami, uju nobisi kungaphansi kolimi lwakho, iphunga lezingubo zakho linjengephunga laseLebhanoni.


Intamo yakho ifana nombhoshongo wophondo lwendlovu, amehlo akho afana namachibi aseHeshibhoni, ngasesangweni eBhathi Rabhimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebhanoni, obhekene neDamaseku.


Amanaziri akithi ayemhlophe kunongqoqwane, emhlophe ukwedlula ubisi. Imizimba yawo yondlekile, isimo sawo sikhazimula njengesafire.


ngilitshale esicongweni sentaba yakwa-Israyeli; lihlume amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari omuhle; kuhlale phansi kwamagatsha awo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo, zihlale emthunzini wamagatsha awo.


Imisedari esensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha; imisayiphuresi ingafani namagatsha awo, nemiphelathani ingenjengamagatsha awo, kungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.


Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane.


Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ