Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:11 - IsiZulu 2020

11 Izindebe zomlomo wakho ziconsa njengamakhekheba ezinyosi; makoti wami, uju nobisi kungaphansi kolimi lwakho, iphunga lezingubo zakho linjengephunga laseLebhanoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Izindebe zakho, makoti wami, ziyaconsa izinyosi; uju nobisi kukhona phansi kolimi lwakho, nephunga lezambatho zakho linjengephunga laseLebanoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Izindebe zakho, makoti wami, ziconsa njengekhekheba lezinyosi; uju nobisi kuphansi kolimi lwakho; iphunga lezingubo zakho linjengephunga laseLebanoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:11
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe lapho esondela kuye emanga, u-Isaka wahogela iphunga ezingutsheni zakhe, wayesembusisa. Wathi: “Iphunga lendodana yami lifana nephunga lensimu ebusiswe nguSimakade.


Zinxanelekile kunegolide, ngisho nenqwaba yegolide elicwengekileyo. Zimnandi ukwedlula uju oluconsa emakhekhebeni.


Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.


Batshalwe endlini kaSimakade, bamilile emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Amazwi amnene anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, angukuphila emathanjeni.


Amasu nokwazi makukugcine, khona kuyakulonda izindebe zakho.


Izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa uju; umlomo wakhe ubushelelezi kunamafutha,


Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!


Izindebe zomlomo wakho zifana nomucu obomvu, umlomo wakho muhle, ufana nocezu lwehananadi, ngale kwemvakazi yakho.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.


nolwanga lwakho lufane newayini elihle, elehla kabushelelezi kothandiweyo wami, lewuka ezindebeni nasemazinyweni.


Uyodla izaqheqhe noju aze akwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ