Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:8 - IsiZulu 2020

8 Wonke aphethe izinkemba, aqeqeshelwe impi, yileyo naleyo ndoda, inkemba yayo isenqulwini yayo, ngenxa yokwesaba ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bonke baphethe izinkemba, ngokuba bafundile ukulwa; yilowo nalowo unenkemba okhalweni lwakhe ngenxa yokwesaba ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 3:8
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kusukela ngalolo lusuku enye ingxenye yezinceku zami yakha, enye yaphatha imikhonto, amahawu, iminsalo nezivikelo zesifuba. Abaholi babeseka abendlu yakwaJuda,


ababakha kabusha ugange. Ababethwala imithwalo, bathwala imithwalo yabo ngesandla esisodwa ngesinye bephethe izikhali.


Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.


Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku, nomcibisholo ondizayo emini,


Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.


Inkosi uSolomoni izenzele indlwana yayo yokuyithwala ngemithi yaseLebhanoni.


“Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngiwukhuphule umfelandawonye wezizwe ezinamandla, zivela ezweni enyakatho, ngizilethe eBhabhele; ziyakuzihlela kahle, zilinqobe, lapho imicibisholo yalo iyofana neyengwazi engabuyi ilambatha.


U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ