Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:16 - IsiZulu 2020

16 Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, umuhle, sithandwa sami, yebo, muhle; umbhede wethu nawo uluhlaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Wena umuhle kunabo bonke abantu, umusa uthululelwe ezindebeni zakho. Ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Othandiweyo wami ufana nensephe noma isixhumo sendluzele. Bheka, lona omi ngemuva kodonga lwakwethu; ugqolozele emafasiteleni, upopola ngamakhethini.


Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni! Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha emaqhaweni ka-Israyeli.


Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”


Ngavuka ngamvulela othandiweyo wami, izandla zami zaconsa imure, nemure eyayiseminweni yami, yagelezela phezu kwezibambo zesihluthulelo.


Umuhle ngokubabazekayo wena sithandwa, futhi uyangenamisa!


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ