Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 9:44 - IsiZulu 2020

44 Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 9:44
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


“Bayophuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyukufa, nomlilo wabo awuyukucima, bayoba yisinengiso kubo bonke abantu.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


“Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili.


Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ungene ekuphileni uyinquge kunokuba uphonswe esihongweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili.


Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi.


Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ