Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 9:20 - IsiZulu 2020

20 Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Bayiletha kuye. Kwathi umoya embona, wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 9:20
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu; waphuma kuye.


Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.”


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?” Wathi: “Kusukela isengumntwana.


Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”


UJesu wamkhuza, wathi: “Thula, uphume kuye!” Idimoni lamqumba phansi phambi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.


ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane.


Umoya uyayidumela, idazuluke masinyane, uyithele phansi, ikhihlize amagwebu, kuthi uqambe uhamba, ibe isiyimvithi nje.


Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ