Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 6:34 - IsiZulu 2020

34 Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 6:34
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamelusi. USimakade wayesethi: ‘Laba abasenankosi. Mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”


Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamelusi. USimakade wathi: ‘Laba abasenawo amakhosi, mabaphindele emuva ngokuthula, kube yilowo nalowo endlini yakhe.’ ”


Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Bezihlakazekile ngenxa yokweswela umelusi; zahlakazeka zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle.


Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso, ababhuli babona imibono eyedukisayo, bakhuluma ngamaphupho angamanga, baduduza ngokuyize. Ngakho-ke bazulazula njengezimvu, bayahlupheka, ngokuba bengenamelusi.


ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.”


Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.


Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo.


Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina.


Ngalezo zinsuku kwabuye kwabuthana izindimbane zabantu, kepha babengenakudla. UJesu wabiza abafundi bakhe, wathi kubo:


“Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla.


Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ