Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 4:15 - IsiZulu 2020

15 Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 4:15
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaSimakade yambulelwa bani na?


Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.


UJesu wayesethi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”


Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza,


Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda.


Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na?


ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.


Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga,


Makungabi bikho muntu oxegelwa yisimilo, kumbe odumazayo njengo-Esawu owathengisa ngobuzibulo bakhe ngesidlo esisodwa nje.


Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho.


Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


USathane owazidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabuli, lapho kukhona isilo nomphrofethi wamanga. Kulapho beyakuhlushwa khona imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Kuyakuthi lapho isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane akhululwe ejele akulo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ