Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 16:14 - IsiZulu 2020

14 Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 16:14
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


Wayeseqala ukuyisola imizi okwakwenziwe kuyo imisebenzi yakhe yamandla eminingi, ngokuba ingaphendukanga, wathi:


Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka, ngokuba akukho okuyakunahlula.


Kwathi lapho bembona, bakhuleka kuye; kodwa abanye bangabaza.


Wayesethi kubo: “Kanti nani aninakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle uma kungena kumuntu akunakumngcolisa na?


Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze.


UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi!


Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.” Kepha wathi kubo: “Uma ngingaliboni inxeba lezipikili ezandleni zayo, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”


Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakaJesu besendlini noThomase ekhona, uJesu wangena iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”


Wayesethi kuThomase: “Letha umunwe wakho lapha, ubone izandla zami; letha isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwa, kodwa okholwayo.”


Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje:


Lokhu kwase kungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.


Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.


nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ