Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 14:72 - IsiZulu 2020

72 Masinyane laselikhala iqhude okwesibili. UPhethro wayeselikhumbula izwi alisho uJesu kuye, ethi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu.” Waqhumuka wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

72 Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

72 Lakhala ngokwesibili iqhude. UPetru wakhumbula izwi uJesu alisho kuye lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu. Esecabanga, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

72 Lakhala ngokwesibili iqhude. UPetru wakhumbula izwi uJesu alisho kuye lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu. Esecabanga, wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 14:72
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahlabeka enhliziyweni emveni kokuba esebabalile abantu, wathi kuSimakade: “Ngonile kakhulu ngalokhu engikwenzileyo. Kepha manje, Simakade, siza uthethelele isiphambeko esenziwe yinceku yakho, ngokuba yenze ubuwula obukhulu.”


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Niyakuzikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, nizenyanye nina uqobo, ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.


UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: ngalobu busuku, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzakungiphika kathathu.”


UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: namhlanje, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”


Kepha waphika, wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi lokhu okushoyo;” waphumela phandle enkundleni; laselikhala iqhude.


UPhethro wayeseqala ukwethuka, futhi wafunga ethi: “Angimazi lo muntu enikhuluma ngaye.”


Kepha uPhethro wathi: “Muntundini, angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.


Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ