Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 10:1 - IsiZulu 2020

1 UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 10:1
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi.


Nakuba ngabafundisa, ngabaxwayisa ngiphindelela, nokho bangifulathela, abazange babheke kimi, abazange bangilalele futhi kabakwemukelanga ukuyalwa.


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Base bengena eKhaphernawume; kwathi ngosuku lwesabatha, uJesu wangena esinagogeni, wafundisa.


Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga.


Kwathi uJesu esafundisa ethempelini wabuza, wathi: “Zikusho kanjani izazimthetho ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na?


Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.”


UJesu wayesephuma futhi, waya ngasolwandle; sonke isixuku seza kuye, wayesesifundisa.


Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa:


Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe?


Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.


Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizana efundisa.


Wahamba futhi, waya phesheya kweJordani lapho uJohane aqala khona ukubhabhadisa, wahlala khona.


Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Masihambe, siphindele eJudiya.”


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ