Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaMarku 1:13 - IsiZulu 2020

13 Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaMarku 1:13
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na?


UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


UJesu egcwele uMoya oNgcwele, wabuya eJordani, wayeseholelwa nguMoya ehlane,


“Ngasekupheleni kwezinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, uSimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.


“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.


“Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ