Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 9:51 - IsiZulu 2020

51 Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

51 Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 9:51
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi besalokhu behamba bexoxa, bheka, kwaqhamuka inqola yomlilo namahhashi omlilo, abehlukanisa, u-Eliya wenyukela ezulwini ngesivunguvungu.


Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.


UJesu wahamba phakathi kwemizi nemizana efundisa, esendleleni, elibhekise eJerusalema.


Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile.


Wabasondeza kuye abali-12, wathi kubo: “Lalelani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaphrofethi maqondana neNdodana yomuntu, kuzakugcwaliseka.


Kuthe abantu besalalele lokho, uJesu waqhubeka wabalandisa umzekeliso, ngokuba wayeseduze neJerusalema, nangokuba babethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.


Kuthe esekushilo lokho wayeseqhubeka nohambo, wakhuphukela eJerusalema.


Kuthe esababusisa, wasuka kubo, wenyuselwa ezulwini.


Kuthe besahamba endleleni, othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma kuphi lapho uya khona.”


Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.


Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.”


“Kepha manje sengiyahamba, ngiya kongithumileyo kodwa akekho phakathi kwenu ongibuzayo athi: ‘Uya kuphi na?’


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.


asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini,


ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ