Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 8:47 - IsiZulu 2020

47 Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Owesifazane ebona ukuthi akacashile, weza ethuthumela, wawa phansi phambi kwakhe, walandisa phambi kwabantu bonke ukuthi ubemthintile ngani, nokuthi usinde kanjani masinyane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 8:47
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khonzani uSimakade ngokwesaba, nithokoze ngokuthuthumela.


Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe.


We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele, u-Israyeli wazingcolisa.”


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe.


Kepha owesifazane ekwazi okwakwenzekile kuye, wesaba, wathuthumela, weza waziphonsa phansi phambi kukaJesu, wamtshela lonke iqiniso.


Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.”


UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.”


Wayesethi akulethwe izibani, wagijima ethuthumela, wangena ngaphakathi, wafike wazilahla phambi kukaPawula noSila.


Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu,


Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.


Ngakho-ke njengalokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibambelele emseni, simkhonze uNkulunkulu ngendlela efaneleyo; ngokumthokozisa, ngokumhlonipha nangokuthuthumela,


USamuweli wenza lokho akutshelwa nguSimakade, waya eBhethlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ngabe uze ngokuthula na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ