Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 7:47 - IsiZulu 2020

47 Ngenxa yalokho, ngithi kuwe: izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uveze uthando olukhulu. Kepha lowo othethelelwe okuncane, uthanda kancane.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Ngakho-ke ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe; ngokuba wayethanda kakhulu, kepha othethelelwa okuncane, uthanda kancane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Ngakho-ke ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe; ngokuba wayethanda kakhulu, kepha othethelelwa okuncane, uthanda kancane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 7:47
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


Kepha lapho umFarisi owayemmemile ekubona lokhu, wadlinza wathi: “Lo muntu ukuba ubengumphrofethi, ngabe wazile ukuthi ngubani futhi uluhlobo luni lo wesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni.”


Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.


Wayesethi kowesifazane: “Izono zakho zithethelelwe.”


Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele,


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.


Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,


Kepha umusa weNkosi yethu wachichima nokukholwa kanye nothando olukuKhristu uJesu.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.


Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ