Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 7:44 - IsiZulu 2020

44 Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Wayesephendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo zami, kepha yena uzigezile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Wayesephendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: Uyambona lona wesifazane? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo zami, kepha yena uzigezile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 7:44
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makulethwe amanzi, nigeze izinyawo, bese niphumula emthunzini.


Wathi kuzo: “Makhosi ami, ake niphambukele endlini yenceku yenu ukuze nithole amanzi okugeza izinyawo, nilale okwanamuhla, bese nivuka ekuseni niqhubeke nohambo lwenu.” Zamphendula zathi: “Qha, sizohlala emgwaqweni.”


Induna yayisiwangenisa lawo madoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi ukuze ageze izinyawo, yanika nezimbongolo zawo ifolishi.


UDavide wathi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma esigodlweni senkosi, inkosi yamthumelela isipho.


Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.


USimoni waphendula wathi: “Ngicabanga ukuthi yilowo oxolelwe kokuningi.” UJesu wathi kuye: “Uyihlabe esikhonkosini.”


Wayesethela amanzi emcengezini, waqala ukugeza abafundi bakhe izinyawo, ezesula ngethawula ayelibophele okhalo.


Kufanele ukuba aziwe ngemisebenzi emihle, njengalowo okhulise kahle abantwana, obe nokuphana ezihambini, ogeze izinyawo zabangcwele, osize abahluphekayo, futhi ozinikele ekwenzeni yonke imisebenzi emihle.


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


Lase limngenisa endlini yalo, lanika izimbongolo utshani, bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.


Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ