Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 7:25 - IsiZulu 2020

25 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezintofontofo na? Phela abembethe okukhazimulayo, futhi betamasa, basezigodlweni zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kodwa naphumela ukuyabonani na? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? Bhekani, abembethe eziwubukhazikhazi, bephila kamnandi, basezindlini zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa naphumela ukuyabonani na? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? Bhekani, abembethe eziwubukhazikhazi, bephila kamnandi, basezindlini zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 7:25
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?


ukudla okwakusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, ukuma kwezikhonzi zakhe, izembatho zazo, abaphathizitsha bakhe, umnikelo wakhe wokushiswa ayewunikela endlini kaSimakade, yabamba ongezansi.


Zayiphendula zathi: “Yindoda ebiphuphuzela uboya, ibhince ibhande lesikhumba okhalo lwayo.” Yayisithi: “Bekungu-Eliya waseThishibhi.”


ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


Wahamba waya esangweni lesigodlo senkosi, ngokuba akekho owayevunyelwe ukungena ngalo egqoke indwangu eyisaka.


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


Ngesikhathi uMoridekhayi ephuma esigodlweni wayegqoke ingubo yasebukhosini enokuluhlaza sasibhakabhaka nokumhlophe, umjiva welineni elicolekileyo elibukhwebezane, nomqhele omuhle ocwebezelayo wegolide. Kwachwaza umuzi waseShushani ngomsindo wenjabulo nentokozo.


Wembatha ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha; wazisonga ngokushisekela njengengubo.


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi.


UJohane wayenengubo yoboya bekameli noqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe. Wayedla izinkumbi noju lwasendle.


kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa.


Kuthe sezihambile izithunywa zikaJohane, waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ethi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?


Kepha naphuma ukuyobonani na? Umphrofethi? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ