Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 7:12 - IsiZulu 2020

12 Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 7:12
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”


UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”


Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”


Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


U-Eliya wayesemthatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”


“Suka uye eZarefathi eseSidoni, uhlale khona. Sengiyale owesifazane ongumfelokazi lapho ukuba akondle.”


Wathi: “Ngalesi sikhathi ngonyaka ozayo, uyakugona indodana.” Wathi: “Hhayi, nkosi yami, muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekukazini yakho.”


Yamthatha, yamyisa kunina; wahlala emathangeni akhe kwaze kwaba semini, wafa.


Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Kwathi ngakusasa, uJesu waya emzini okuthiwa yiNayini; abafundi bakhe babehamba naye nesixuku esikhulu.


INkosi yakubona lokho, yaba nesihe, yathi kuye: “Ungakhali.”


ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa. UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa.


Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.”


Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo.


Wayesesuka uPhethro, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi bema eduze kwakhe bekhala, bembonisa izembatho nezingubo ezazenziwe nguDokhasi esaphila.


UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ