Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:22 - IsiZulu 2020

22 Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kepha uJesu eyazi imicabango yabo waphendula wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha uJesu eyazi imicabango yabo waphendula wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:22
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.


“Ngiyayazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukuzobutha zonke izizwe nezilimi, ziyakufika, ziyibone inkazimulo yami.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.


UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?


UJesu ekwazi abadlinza ngakho, wathi kubo: “Nikhulumelani nodwa ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni yini, futhi anikaqondi? Inhliziyo yenu iselukhuni na?


Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na?


Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?”


Yikuphi okulula ukukusho, ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ngukuthi: ‘Vuka uhambe na?’


UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na?


Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ