Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:21 - IsiZulu 2020

21 Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla, bathi: “Ngubani lo okhuluma inhlamba na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla, bathi: “Ngubani lo okhuluma inhlamba na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:21
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho,


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Mababe njengamakhoba epheshulwa ngumoya; ingelosi kaSimakade ibadudule.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile,


Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza.


Abathile kuzazimthetho bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu uyahlambalaza.”


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali nithi ngaphakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu unamandla okuvusela u-Abhrahama abantwana kulawa matshe.


Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na?


Ababehleli naye esidlweni baqala ukukhuluma bodwa, bethi: “Ngubani kanti lo, othethelela nezono na?”


AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”


Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ