Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 5:17 - IsiZulu 2020

17 Ngolunye lwalezo zinsuku uJesu efundisa, kwakuhleli lapho abaFarisi nezazimthetho ababephuma kuzo zonke izifunda eGalile, eJudiya naseJerusalema. Amandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. khona ukubaphulukisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. Khona ukubaphulukisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 5:17
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


AbaFarisi nezazimthetho beza kuJesu bevela eJerusalema, bathi:


Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Nezazimthetho ezazehlile zivela eJerusalema, zathi: “UnoBhelzebhule, ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.”


Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”


Kwabuthana kuJesu abaFarisi nezazimthetho, bevela eJerusalema.


Kepha abaFarisi nezazimthetho bakhononda, bethi: “Lo muntu wamukela izoni, futhi adle nazo.”


Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.


Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?”


AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.


Kepha abaFarisi nezazimthetho abayemukelanga inhloso kaNkulunkulu emaqondana nabo, benqaba ukubhabhadiswa nguye.


Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na?


Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”


UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawula,


wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


Kwase kusukuma omunye emkhandlwini, umFarisi ogama lakhe nguGamaliyeli, isazimthetho esihlonishwayo esizweni sonke, wayala ukuba laba abantu bakhishelwe phandle isikhashana;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ