Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 4:41 - IsiZulu 2020

41 Kwaphuma amadimoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKhristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 4:41
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”


Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo,


Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?”


UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


UJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi: “Thula uthi du, uphume kuye!”


Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni.


Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi.


Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”


UJesu wamengama, wawukhuza umkhuhlane, waphela. Wasuka ngokushesha wabakhonza.


Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ