Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 3:16 - IsiZulu 2020

16 uJohane waphendula wathi kubo bonke: “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kodwa uyeza onamandla kunami engingafanele ngisho ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe, Yena-ke uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 3:16
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.


kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.


lapho iNkosi isikukhucululile ukungcola kwamadodakazi aseZiyoni, yalihlanza igazi eliphakathi kweJerusalema ngomoya wokwehlulela nangomoya womlilo.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


UJohane wabaphendula, wathi: “Mina ngibhabhadisa ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo.


Lo ozayo emuva kwami, angifanele ngisho nokuthukulula umchilo wezicathulo zakhe.”


Bengingamboni mina, kodwa owangithumayo ukuba ngibhabhadise ngamanzi, wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla, ahlale phezu kwakhe, nguyena obhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’


Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”


Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi.


Esakhuluma uPhethro lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela kubo bonke ababelilalele izwi.


Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”


Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ