Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 22:18 - IsiZulu 2020

18 ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 22:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Kule ntaba kaSimakade Wamabandla uyokwenzela zonke izizwe idili ngokukhulupheleyo nokunomnkantsha, idili lewayini eliqoqodileyo, elinenhlese ecwengekileyo.


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge mahhala, yebo, iwayini nobisi, kungabizi mali.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.


Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani, sisisha, embusweni kaBaba.”


Wayesethabatha indebe, wabonga, wabanika, baphuza kuso bonke.


Ngiqinisile ngithi kini: angisayukuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo lusuku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”


Amnika iwayini elalixutshwe nemure, kodwa akalemukelanga.


Wayesethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: kukhona abanye kulaba abemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.”


Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu kwenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususeduze.


Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.”


Kepha nginitshela iqiniso ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu.”


owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe;


“Umvini waphendula wathi: ‘Ngiyeke yini ukukhiqiza iwayini elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngihambe ngiyobusa phezu kwemithi, na?’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ