Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 21:8 - IsiZulu 2020

8 Wathi: “Qaphelani, ningadukiswa, ngokuba kuyakuvela abaningi egameni lami, bathi: ‘Nginguye,’ babuye bathi: ‘Isikhathi sesisondele.’ Ningabalandeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 21:8
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaphrofethi benu abaphakathi kwenu, nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu.


ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!


Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli.


Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokuthi sekuzakwenzeka na?”


Uma nizwa ngezimpi nangeziyaluyalu, ningesabi, ngokuba kufanele ukuba zenzeke lezi zinto kuqala, kodwa kuyobe kungakabi umhla wokuphela.”


Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye ezizela egameni lakhe, lowo niyakumemukela.


Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”


Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.


Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo,


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso,


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.


Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ