Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 20:16 - IsiZulu 2020

16 Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.” Kuthe bekuzwa lokho bathi: “Qha, makungenzeki kanjalo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.” Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Uzakuza, ababhubhise laba balimi, isivini asinike abanye. Sebezwile bathi: Kakube njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uzakuza, ababhubhise laba balimi, isivini asinike abanye. Sebezwile bathi: Kakube njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 20:16
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”


UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.


Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo benzi bokubi. Isivini sakhe asiqashise kwabanye abalimi abayakumnika isivuno ngesikhathi saso.”


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


Kwathi sekusondele isikhathi sokuvuna, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuba zilande izithelo zakhe.


“Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye.


Bayikhiphela ngaphandle kwesivini, bayibulala. Manje-ke uzokwenzenjani umninisivini kubo na?


Phinde, neze, kepha makwazeke ukuthi: uNkulunkulu uqinisile, kodwa bonke abantu bangabaqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”


Makungabi njalo neze, ngokuba uma kunjalo, uNkulunkulu angawehlulela kanjani umhlaba na?


Ngakho-ke umthetho siwenza ize yini ngenxa yokukholwa na? Qha akunjalo, kodwa siyawuqinisa umthetho.


Phinde, neze. Thina esafa maqondana nesono singabuye siphile kanjani kuso na?


Pho senzenjani na? Siyakona yini ngokuba singekho phansi komthetho, kodwa siphansi komusa na? Qha akunjalo.


Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? Phinde, akunjalo, kodwa isono, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngokusebenzisa okuhle, ukuba isono ngomyalo sibe sibi kakhulu.


Pho siyakuthini na? Ukuthi kukhona ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini.


Ngakho-ke ngithi: abakhubekanga ukuze bawe na? Qha akunjalo; kepha ngesiphambeko sabo, insindiso ifinyelele kwabezizwe ukuze kuvuswe isikhwele kubo.


Kanti anazi yini ukuthi imizimba yenu iyizitho zikaKhristu na? Pho ngizithatha kanjani izitho zikaKhristu, ngizenze izitho zesifebe na? Qha nakanye.


“Kepha manje, uma nathi sifuna ukulungisisiswa ngoKhristu, safunyanwa nathi siyizoni, ngabe uKhristu uyisikhonzi sesono na? Akunjalo neze.


Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho.


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ