Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 2:41 - IsiZulu 2020

41 Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngomkhosi wePhasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka ngeminyaka ngomkhosi wePhasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 2:41
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


Bonke abesilisa bayobonakala kathathu ngonyaka phambi kweNkosi uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli.


phakathi kwamabili, ngosuku lwe-14 ngenyanga yokuqala; yiphasika likaSimakade.


“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.


UJesu eseneminyaka eli-12 bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.


Lase liseduze iPhasika labaJuda, abaningi ababevela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema kungakabi yiPhasika ukuze bazihlambulule.


Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.


Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema.


UMkhosi wePhasika labaJuda wawususondele.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu.


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.


Lowo muntu, u-Elikhana, waphinda wenyuka nendlu yakhe ukuyonikela kuSimakade umhlatshelo waminyaka yonke, nokuyofeza isithembiso sakhe.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ