Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 2:36 - IsiZulu 2020

36 Kwakukhona nomphrofethikazi, u-Ana, owayeyindodakazi kaFanuweli, wesizwe sika-Aseri; wayesekhule kakhulu. Wayehlale nendoda yakhe iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 2:36
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.


UHilikiya umphristi, u-Ahikamu, u-Akhibhori, uShafani, no-Asaya baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo, owayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili, bakhuluma naye.


Uyokufa usumdala impela, njengesixha samabele esibhulweni, ngesikhathi sawo.


Nalapho sebebadala bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kumadodakazi abantu bakini, umelane nawo, abaphrofetha okuvela enhliziyweni yawo, bese uphrofetha kuwo.


yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”


Naye-ke wafika ngaleso sikhathi, wamtusa uNkulunkulu, wabatshela ngaye bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.


yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha.


Yena-ke wayenamadodakazi amane, ayizintombi eziphrofethayo.


Kepha yilowo nalowo owesifazane okhuleka noma aphrofethe lingemboziwe ikhanda, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba kuyafana lokho nokuthi uphucile.


Bazalwane, maqondana neziphiwo zokoMoya, angithandi ukuba ningazi.


Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,


Umfelokazi obegane indoda eyodwa makangafakwa esibalweni uma engakabi neminyaka engama-60.


Unkatho lwesihlanu lwadla abozalo luka-Asheri ngemindeni yabo.


esizwaneni sakwa-Asheri beyizi-12 000, esizwaneni sakwaNafethali beyizi-12 000, esizwaneni sakwaManase beyizi-12 000,


Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli.


Wayeganwe ngabafazi ababili, omunye kunguHana omunye kunguPhenina. UPhenina wayenabantwana, kodwa uHana wayengenabantwana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ