Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 2:34 - IsiZulu 2020

34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya, unina: “Lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nokuba yisibonakaliso esiphikwayo –

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo –

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 2:34
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wambusisa u-Abhrama wathi: “U-Abhrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba.


UJosefa wayesemngenisa uyise, uJakobe, wamethula kuFaro. UJakobe wambusisa uFaro.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.”


Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.


Owela phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa, kodwa yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”


bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’


yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo – ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi, uyakuzonda ukukhanya; akezi ekukhunyeni, funa imisebenzi yakhe idaluleke.


Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha,


“Le ndoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha,


Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


Amakhosi omhlaba aviva ndawonye, nababusi bahlangene ukumelana neNkosi kanye noGcotshiweyo wayo.’


Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.


Kungani na? Kungenxa yokuthi babengawulandeli ngokukholwa, kodwa kungemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,


Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe.


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhleli phezu kwenu.


U-Eli wabusisa u-Elikhana nomkakhe, wathi: “USimakade makakunike uzalo ngalo wesifazane ngenxa yesipho enanikela ngaso kuSimakade.” Base bebuyela ekhaya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ