Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 19:5 - IsiZulu 2020

5 UJesu esefikile kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla kufanele ngingenise endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kwathi uJesu efika kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wayibona, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle; ngoba lamuhla ngimele ukuhlala endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwathi uJesu efika kuleyo ndawo, wabheka phezulu, wayibona, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle; ngoba lamuhla ngimele ukuhlala endlini yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 19:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


“ ‘ “Ngesikhathi ngidlula ngakuwe, ngakubona ungqashangqasha egazini lakho, ngathi kuwe: wena osegazini lakho: Phila! Yebo, ngasho kanjalo usegazini lakho, ngathi kuwe: Phila!


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzofuna nokusindisa okulahlekileyo.”


Kwakukhona indoda okuthiwa nguZakewu, ingumthelisi omkhulu, futhi icebile.


Yagijimela phambili, yagibela esihlahleni somthombe, ukuze imbone, ngokuba wayezakwedlula ngalapho.


UZakewu washesha wehla, wamemukela ngokuthokoza.


UNathaniyeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngaphambi kokuba uFiliphu akubize phansi komkhiwane, ngakubona.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,


UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ