Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 17:30 - IsiZulu 2020

30 Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 17:30
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”


Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo.


Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.


Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu.


ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu.


NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu.


nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.


Namanje bantwanyana, hlalani kuye ukuze kuthi nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni phambi kwakhe lapho efika.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ