Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 16:3 - IsiZulu 2020

3 “Yayisicabanga induna, ithi: ‘Ngizakwenzenjani, lokhu inkosi yami ingiyekisa ukuba yinduna na? Anginamandla okulima, futhi nginamahloni okunxiba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Wayesethi umphathi phakathi kwakhe: ‘Ngizakwenze njani, lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi? Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wasesithi umphathi phakathi kwakhe: Ngizakwenzani? ngokuba inkosi yami ingaphuca ubuphathi; ukuncenga nginamahloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 16:3
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHamani wangena, inkosi yambuza, yathi: “Angenzelwani umuntu inkosi efuna ukumphakamisa na?” UHamani wacabanga ngaphakathi, wathi: “Ngubani omunye inkosi engafuna ukumphakamisa ngaphandle kwami?”


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.


Umuntu ovilapha ukusebenza, ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.


Ubuvila buletha ubuthongo obunzima; oyivila uyobulawa yindlala.


Ivila alilimi ngesikhathi sokulima; lihamba lethekela ngesikhathi sokuvuna, ngoba lingenalutho.


Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni, isiphetho sayo siyoba sibi.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na?


“Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’


Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.


Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’


Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’


Kwakukhona futhi othile ompofu, igama lakhe kunguLazaru. Wayebekiwe ngasesangweni lesicebi, egcwele izilonda,


“Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa.


Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuze lapho sengikhishiwe ebuduneni, bangamukele ezindlini zabo.’


“Kwaba yisikhathi eside umehluleli engathandi. Kepha kamuva wadlinza, wathi: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, futhi ngingenandaba namuntu,


Ngakho-ke omakhelwane nalabo ababeyibone phambilini inqiba, babuzana bodwa, bathi: “Le ndoda akusiyo yini ebihlala inqiba na?”


Indoda ethile eyisishosha kwasesizalweni sikanina, yayithwelwe yilabo ababeyibeka nsuku zonke ngasemnyango wethempeli obizwa ngokuthi “Omuhle” ukuba inqibe kulabo ababengena ethempelini.


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


Ngokuba siyezwa ukuthi abanye benu bangamavila, behla benyuka bengenzi nolunci, kodwa bezigaxa ezindabeni zabanye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ