Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 12:4 - IsiZulu 2020

4 “Kepha ngithi kini, bangani bami: ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza lutho okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kepha ngithi kini bangane bami: Ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha ngithi kini bangane bami: Ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 12:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukwesaba abantu ngukuzibekela ugibe, kepha owethemba uSimakade uyalondeka.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami,


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” kusho uSimakade.


bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.


Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu.


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ