Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 11:4 - IsiZulu 2020

4 sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 usithethelele izono zethu, ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Usithethelele izono zethu; ngoba lathi sibathethelela bonke abalecala kithi. Ungasingenisi ekulingweni; kodwa usikhulule kokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 11:4
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika okhokho babo.


mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthumele imvula ezweni lakho obanike lona abantu bakho ukuba libe yifa labo.


USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho.


Simakade, ngenxa yegama lakho ngithethelele isiphambeko sami, ngokuba sikhulu.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


“Kanjalo-ke noBaba osezulwini uyakwenza lokho kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.”


Wayesethi kubo: “Ngubani kini othi enomngani, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngani, ake ungenanele izinkwa ezintathu,


Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na?


Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”


Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.


Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.


nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


Ngokuba uligcinile izwi lami, wabekezela, nami ngizakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika emhlabeni wonke, ukulinga bonke abahlala kuwo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ