NgokukaLuka 11:2 - IsiZulu 20202 Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi: “ ‘Baba, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; အခန်းကိုကြည့်ပါ။Baasraak Zulu New Testament Bible2 Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20242 Wathi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlala kuzo, banikwa amandla okwahlulela. Ngabona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi ngoJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nasemfanekisweni waso, nabangalwemukelanga uphawu lwaso emabunzini abo nasezandleni zabo. Baphila babusa noKhristu iminyaka eyinkulungwane.