Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 1:74 - IsiZulu 2020

74 ukusinika ukuba sikhululwe esandleni sezitha zethu; siyikhonze singenakwesaba

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

74 ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singenakwesaba

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

74 ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

74 Ukuze asinike, ukuthi sikhululwe esandleni sezitha zethu, siyikhonze singesabi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 1:74
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha niyokwesaba uSimakade uNkulunkulu wenu, Yena uyakunisindisa esandleni sazo zonke izitha zenu.”


Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho.


abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


ukusisindisa ezitheni zethu, nasesandleni sabo bonke abasizondayo;


ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo, zonke izinsuku zethu.


Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba ngabakhonza uNkulunkulu; seninazo izithelo enizithelayo, kube ngukungcweliswa, nesiphetho salokho ngukuphila okuphakade.


ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”


Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.


akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ