Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 1:6 - IsiZulu 2020

6 Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 1:6
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.


Lokhu wakwenza ngokuba uDavide weyenze okulungile emehlweni kaSimakade; akaphambukanga kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle nje kodaba luka-Uriya, umHithi.


“Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami,


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


“Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na?


khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa.


UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”


Ngakho-ke nami ngiyazama ukuba njalo ngihlale nginonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


ukuze izimfanelo ezinhle ezifunwa ngumthetho zifezeke kithi, thina esingahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya.


Ngiyanibonga, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, futhi nibambelele emfundisweni engayedlulisela kini.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,


nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,


ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.


Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye.


Uma nazi ukuthi Yena ulungile, yazini-ke futhi ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu. Umuntu owenza ukulunga, ulungile, njengokuba Yena elungile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ