Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




NgokukaLuka 1:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakhariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elizabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama uthi nguJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




NgokukaLuka 1:13
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilesi isivumelwano sami nawe nezizukulwane zakho, okufanele nisigcine: wonke umuntu wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe,


UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami.


Ngase ngilala nomkami umphrofethikazi; wakhulelwa, wazala indodana. USimakade wathi kimi: “Mqambe uthi nguMahere Shalali Hashi Bhazi,


Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.


USimakade wathi kuye: “Iqambe igama uthi: ‘nguJizreyeli,’ ngokuba sekuseduze ngibajezise abendlu kaJehu ngenxa yegazi likaJizreyeli, futhi ngiyakuwuqenda nya umbuso wendlu ka-Israyeli.


UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele.


Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”


UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”


Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.


Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona.


Uzakujabula uthokoze ngaye; nabaningi bazakujabula ngokuzalwa kwakhe.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.


yathi: ‘Khorneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho, kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Kepha uSimakade wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuzukufa.”


USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ