Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 9:36 - IsiZulu 2020

36 Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 9:36
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamelusi. USimakade wayesethi: ‘Laba abasenankosi. Mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”


Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamelusi. USimakade wathi: ‘Laba abasenawo amakhosi, mabaphindele emuva ngokuthula, kube yilowo nalowo endlini yakhe.’ ”


Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso, ababhuli babona imibono eyedukisayo, bakhuluma ngamaphupho angamanga, baduduza ngokuyize. Ngakho-ke bazulazula njengezimvu, bayahlupheka, ngokuba bengenamelusi.


Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”


ozophuma angene phambi kwayo, abakhiphe, abafake, ukuze inhlangano kaSimakade ingabi njengezimvu ezingenamelusi.”


kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.


Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Kepha uJesu waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kodwa kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”


UJesu wababiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihleli nami, singenakho esingakudla. Angithandi ukubamukisa belambile, funa baphelelwe ngamandla endleleni.”


Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.


“Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ