Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 8:12 - IsiZulu 2020

12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 8:12
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakukhala ngokudabuka kwenhliziyo yenu, nilile ngobuhlungu emphefumulweni.


Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi.


zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


Ababi zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


“Ngalokho-ke ngithi kini: niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


iyinqamule kabili, iyabele isabelo sayo nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.”


Leyo nceku engenamsebenzi walutho yiphonseni ebumnyameni obungaphandle, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’ ”


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, uma senibona u-Abhrahama, u-Isaka, uJakobe, nabaphrofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe phandle.


Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ