Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 24:28 - IsiZulu 2020

28 “Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 24:28
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Tshela izinyoni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izilwane zasendle, uthi: “Qoqanani, nihlangane ndawonye nisuka nxazonke, nize emhlatshelweni wami enginihlabele wona, ngumhlatshelo omkhulu osezintabeni zakwa-Israyeli; niyakuzitika ngenyama, niphuze igazi.


Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe, eyesabeka kunamankentshane ebusuku; abagibeli bamahhashi aso bayagabadula, futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso, bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla.


Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?” Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ