Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 24:27 - IsiZulu 2020

27 Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 24:27
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukuthumela phansi kwezulu lonke, unyazi lwakhe luye emagumbini omhlaba.


Ungayithuma yini imibani ukuba ihambe, bese ithi kuwe: ‘Bheka, silapha’ na?


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Izidalwa eziphilayo zazigijima ziye phambili nasemuva njengombani.


USimakade uyakubonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe ushweze njengonyazi. INkosi uSimakade iyakushaya impalampala. Ihambe ngezivunguvungu zaseNingizimu.


“Ngubani ongamela usuku lokufika kwaso na? Ngubani oyakuma lapho sibonakala na? Ngokuba sinjengomlilo womcwengi nanjengensipho yomhlanzi.


“Niyabona-ke, ngiyakunithumelela u-Eliya umphrofethi, lungakafiki usuku lukaSimakade olukhulu nolwesabekayo.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: bakhona abanye kwabemi lapha, abangayukukuzwa ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza nombuso wayo.”


“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Nango usehlane,’ ningayi lapho; noma bethi: ‘Nangu, usendlini,’ ningabakholwa.


Esahleli eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho, nomhla wokuphela na?”


Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele.


bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba selokhu okhokho balala, zonke izinto zisenjengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ