Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 22:29 - IsiZulu 2020

29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile, ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 22:29
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.


Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.


Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


Ngakho-ke ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kulezi zelamani eziyikhombisa; ngokuba zonke zaganwa nguye na?”


UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


ngokuba bebengakawuqondi umbhalo othi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.


Kungani kuyinsumansumane kini ukuthi uNkulunkulu uyabavusa abafileyo na?


Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.


Phaphamani, niziphathe kahle, yekani ukona, ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni.


NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ