Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 21:5 - IsiZulu 2020

5 “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 21:5
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Inkosi yathi kuZiba: “Ziyini lezi zinto na?” UZiba wathi: “Izimbongolo ngezokugibelisa abendlu yenkosi. Izinkwa nezithelo ngezokudliwa, kuthi iwayini liphuzwe yilabo asebeyethiswe ukuba sehlane.”


Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu nigibelise uSolomoni, indodana yami, umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni.


USolomoni waqoqa izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyi-1 400 nabamahhashi abayizi-12 000, wakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”


Mina Simakade ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu kuzo; Mina Simakade ngikhulumile.


“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


Kuyakuvela umbusi kuJakobe oyocoboshisa insali emzini.”


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba siyibonile inkanyezi yakhe empumalanga, ngakho-ke size ukuzokhuleka kuye.”


“ ‘Nawe Bhethlehema, lizwe lakwaJuda awumncinyane kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuwe kuyakuvela umbusi oyakwelusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile.


Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.


UNathaniyeli wamphendula, wathi: “Rabi, Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


Wayenamadodana angama-40, nabazukulu abangama-30 ababegibela izimbongolo ezingama-70; wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


“Khulumani ngakho, nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlala emacansini ezinjinga, nani enedlula ngendlela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ