Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 18:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 18:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Niyokuthatha njengokungcolile okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva, nesimbozo sezithombe zenu zegolide ezibunjiweyo; niyakuzilahla njengokowesifazane okungcolileyo, nithi kukho: “Suka lapha.”


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na?


Kepha-ke ukuze singabakhubekisi, hamba uye olwandle, uphonse udobo, uthathe inhlanzi eyakubanjwa kuqala; kuyakuthi lapho usuyivule umlomo, ufumane imali; yithathe, ubanike yona, uthelele Mina nawe.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.


Samemeza sathi: ‘Baba Abhrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, ukuba agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, apholise ulimi lwami, ngokuba ngisezinhlungwini ezinzima kabi kuleli langabi.’


Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ