Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Mathewu 14:19 - IsiZulu 2020

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Mathewu 14:19
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba.


Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona.


wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”


Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona.


Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.”


Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu.


Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.


Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile.


Esekushilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.


Indebe yesibusiso esiyibusisayo, ayisiyo yini inhlanganyelo yegazi likaKhristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo yini inhlanganyelo yomzimba kaKhristu na?


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Lapho ningena nje emzini niyomfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba nabantu abayukudla engakafiki, ngoba nguye obusisa umhlatshelo andukuba abamenyiweyo badle. Khuphukani khona manje, nizomthola ngalesi sikhathi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ